Imvume yokuqhuba ibhizinisi lomsebenzi wezimayini yidokhumende ekhishwa ngaboMnyango wezamaMinerali ne-Eneji okuyiwona okuvumelayo ukuthi uqhube umsebenzi wezimayini. Akukho muntu ovunyelwe ukuthi aqhube ibhizinisi lezimayini ngaphandle kokuthola imvume yokuqhuba ibhizinisi lezimayini.
Imvume yokuqhuba ibhizinisi lezimayini ngeke yadluliselwa komunye. Imvume inenhloso yokulawula ukufunana namaminerali kanye nokuqhuba ibhizinisi lezimayini ngokubonelela ezempilo nokuphepha, ukulawulwa kwesimo sendalo kanye nokumbiwa kwamaminerali ngendlela efanele.
Imvume yokuqhuba ibhizinisi lezimayini kumele isebenze ngokulandela leso sikhathi esichazwe kwimvume, kodwa esingeqi iminyaka emibili. Ingavuselelwa ezinye izikhathi zezihlandla ezintathu, kodwa isihlandla nesihlandla esisodwa ngeke saba ngaphezulu konyaka.
leyo minerali okukhulunywa ngayo, ingambiwa isikhathi seminyaka emibili indawo yokwenza ibhizinisi lemayini ingadluli kumamitha angu-1.5 m².
kungekho omunye umuntu onelungelo lokufunana namaminerali, ilungelo lokuqhuba ibhizinisi lemayini, imvume yokuqhuba umsebenzi wemayini, noma imvume yokugodla iminerali noma umhlaba.
Yenza isicelo kuMininjela weRijini woMnyango wezamaMinerali ne-Eneji kwirijini lapho kutholakala khona lowo mhlaba.
Gcwalisa iFomu F: Yenza isicelo sokuqhuba ibhizinisi lemayini elitholakaka kwihhovisi likaMininjela weRijini . Ungathola nale fomu kwi-website ekhelini elingezansi.
Fakela ifomu kanye nemali ebekiwe engabuyiselwa emuva ehhovisi lika-Regional Manager , lapho okunalowo mhlaba khona.
Umininjela weRijini uzokwamukela isicelo uma zonke izidingo kuhlangatshezwane nazo.
Uma isicelo sakho sesamukelwe, uMininjela weRijini uzokucela ukuthi ufakele uhlelo yokunakekelwa kwesimo sendalo, kanye nokuxhumana nomnikazi womhlaba kanye nabakuwo ngokomthetho , kanye nabanye abathintekayo.
Fakela umbiko wokukhulumisana kuMininjela ezinsukwini ezingu-30.
Ungqongqoshe uzokhipha imvume uma zonke izidingo kuhlangatshezwane nazo.
UMininjela weRijini uzokwazisa ezinsukwini ezingu-14 ukuthi isicelo sakho siphumelele, okusho ukuthi uhlangabezane nazo zonke izidingo.
Umnyango uzobeka izindleko, kanti le mali ayibuyiselwa kuwe.
Inani lezindleko liyahluka kuye ngeminerali ofuna ukusebenzana nayo.
